News Avenue
News / Izindaba

URAMAPHOSA UXOSHE UNGQONGQOSHE OSOLWA NGAMANGA

URAMAPHOSA UXOSHE UNGQONGQOSHE OSOLWA NGAMANGA
SIZO BLOSE

Umengameli Cyril Ramaphosa usexoshe uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane,  isikhala sakhe wasivala ngoButi Manamele obesehlale isikhathi eside eyiphini kulomnyango.

 Umengameli ube esevala isikhala sika Manamela ngowaye nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uDr Nomusa Dube Ncube.

Besekucacela noma ngubani ukuthi uRamaphosa  kukhona azokwenza ngoNkabane. Kuzokhumbuleka ukuthi bekumele ahambe nePhini likaMengameli wezwe uPaul Mashatile baye eChina kodwa umengameli wamcela ukuthi angahambi.
Ngesikhathi umengameli enenkulumo ayibhekise esizweni ngeSonto. Iningi lazitshela ukuthi uzoshintsha ikhabhinethi kanti uNkabane ngeke asale ngaphandle kodwa wagcina eyiqedile inkulumo engashongo lutho ngaye.
UNkabane usolwa ngokuqamba amanga ePhalamede nodaba lozihlalo bama Seta, nokwaze kwaqokwa nendodana kaNgqongqoshe Gwede Mantashe njengomunye wozihlalo, kodwa kwabuye kwahoxiswa lokho.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose