News Avenue
News / Izindaba

URAMAPHOSA UVEZA UKUNENGEKA KWAKHE NGOTRUMP

URAMAPHOSA UVEZA UKUNENGEKA KWAKHE NGOTRUMP
Umengameli Cyril Ramaphosa uthi ngeke iNingizimu Afrika isatshiswe yiMelika.

 UDonald Trump ongumengameli waseMelika usanda kuthi amazwe ahambele iG20 kuleli, kumele angakusho lokhu avumelane ngakho noma azibophezele ngakho ngemuva kwe ngqungquthela yezinsuku ezimbili ebanjelwe eGoli.

Kulonyaka lengqungquthela isingethwe iNingizimu Afrika, kuyaqala ukuthi ibanjelwe ezwenikazi lase Afrika.

Ekhuluma ngaphambi kokuthi iqale lengqungquthela yezinsuku ezimbili, uRamaphosa uthe ngeke badlale uTrump bona. Kuzokhumbuleka ukuthi iMelika ngeke ithumele muntu ozoyimele. UTrump usamile ekutheni kulelizwe kubulawa abalimi abamhlophe. URamaphosa uke wazama ukuyoxoxisana noTrump ukuthi ayikho leyonto. Kodwa kuyacaca ukuthi kwangena ngapha kwaphuma ngapha kuyena. 
Ingqungquthela elandelayo izosingathwa yizwe laseMelika.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose