URAMAPHOSA UQOKE INXUSA ELISHA
Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sikhundla sivuleke ngemuva kokuxoshwa kwenxusa lakuleli u-Ibrahim Rasool.
UMeyer uke wasebenzisana kakhulu noRamaphosa ngesikhathi behlanganisa umthethosisekelo wakuleli. Kanti futhi babe yingxenye yezingxoxo zokuxoxisana ezazibizwa ngeCodesa zibanjelwe eKempton Park.
Uke waba uNgqongqoshe nelungu leNational Party.