UNTULI UVEZE UKUTHI UBUTHUNTU UMKHONTO
UNtuli ubekhuluma ngemuva kokuthi, uSomlomo uNontembeko Boyce ememezele ukuthi uzoqhubeka njengo ndunankulu wesifundazwe.
Uthe babhekene noMkhonto obhedayo ongakwazi ukugwaza. Ube esethi abalande izingane eRussia nase Ukraine, wathi abazali bayakhala ngezingane zabo.
Kuzothi kusasa uNtuli emukele uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa njengoba kuzokube kugujwa usuku lokubuyisana eNcome kusasa. Kulomcimbi kulindeleke noNgqongqoshe wezeMidlalo, EzobuCiko namaSiko uGayton McKenzie ozobe ehambisana noMhlonishwa, uMntomuhle Khawula onguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kulesi sifundazwe.
Kusabhekwe iMKP ukuthi sizothini isinyathelo sayo esilandelayo.