News Avenue
News / Izindaba

UNTULI UNXUSA UMPHAKATHI UVIKELE ISIKHUNGO SEZOBUCHWEPHESHE

UNTULI UNXUSA UMPHAKATHI UVIKELE ISIKHUNGO SEZOBUCHWEPHESHE

LINDOKUHLE NGCOBO

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli unxuse   ukuthi usebenze ngokubambisana ukuvikela isikhungo sezobuchwepheshe iVumanhlamvu Digital Centre. 

Lesi sikhungo sivulwe ngokusemthethweni kanye nohlelo olwaziwa nge- Adopt School Entrepreneurship Program ehholo lomphakathi eVumanhlamvu, eNkanda izolo. Lokhu kuvulwa  ngokusemthethweni kwale ndawo kwenziwe uNdunankulu ehambisana noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi ngokubambisana neMoses Kotana Research Institute, i-Durban University of Technology's Innobiz Centre noMasipala waseNkandla. 

Ekhuluma uNtuli uthe lesi sikhungo siyisiqalo esisha emphakathini waseVumanhlamvu namaphethelo. Wathi umphakathi kumele kube iwona ovikela izinsiza ezikule ndawo.

"Lana kuzontshontsha izingane zethu, phela ubugebengu endaweni akusuki umuntu wakude ongazi nokuthi kukhonani kuleyo ndawo ezokwenza ubugebengu, kwenziwa izingane zethu esizikhulisile nesizifuyile endaweni. Manje kufuneka sibe nomuzwa wokuthanda indawo yethu, ukuthanda ikusasa lezingane zethu, " kuchaza uNtuli. 

UMfu Zondi uveze ukuthi kumqoka ukufukula umnotho ngobuchwepheshe besimanje, ezeseka ngelithi abantu abasha iwona mkhakha abawazi kakhulu.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose