News Avenue
News / Izindaba

UNTULI UNXUSA ABAZALI UKUTHI BANGAYAMUKELI IMALI YENHLAWULO

UNTULI UNXUSA ABAZALI UKUTHI BANGAYAMUKELI IMALI YENHLAWULO
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUNXUSWA abazali ukuthi bangayamukeli inhlawulo yabantu besilisa abakhulelisa izingane zamantombazane.

Lesi sexwayiso sikhishwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli namuhla emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni kohlelo oluvimba ukukhulelwa kwamantombazane asemancane endaweni, Ugu Sport and Leisure, ePort Shepstone. 

Ekhuluma namalunga omphakathi abehambele lo mcimbi uNtuli uthe, ukuya ocansini nengane eneminyaka engu-17 kuyaye kubizwe ngokudlwengula.

"Ngicela abazali bangayithathi inhlawulo yenkomo noma yemali yomuntu wesilisa okhulelise ingane encane. Ngicela abazali bayeke ukwesula amacala abasuke bewavulele abantu abalala nezingane ezincane," esho.


Lolu hlelo lwethulwa nje,  mhlaka 25 December 2024 uNtuli noNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uNksz Nomagugu Simelane-Mngadi bafica umama oneminyaka engu-11 ubudala esibhedlela, ngesikhathi beyobona abazali abathola izingane ngokhisimuzi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose