News Avenue
News / Izindaba

UNGQONGQOSHE WEZEMPILO UVAKASHELE ABOKUFIKA

UNGQONGQOSHE WEZEMPILO UVAKASHELE ABOKUFIKA
UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni iKwaZulu Natal,  uNomagugu Simelane kuthe namhlanje wahanbela indawo iSherwood, ekhona lapha eThekwini.

 Kuzokhumbuleka ukuthi iningi labokufika ligcwele khona kuleyandawo njengoba amabhasi awabagodukisayo efikela khona.
Yize bekhona abaphuma kwamanye amazwe kodwa iningi lalabo eliseSherwood livela Malawi.

USimelane njengongqongqoshe wezempilo ubezobheka ukuhlaliseka kwabo (abokufika) ngasohlangothini lwezempilo. 
Beyikhona neminye iminyango efana nowazasKhaya.
 USimelaneuthe uma esuka wabhekisa amaDurban University of Technology, lapho abantu abasha benegcwele khona ukuzogubha usuku lwabo. Kuzophinde kukhumbuleka isehlabahlosile esenzeka ngo 1976 eSoweto. Lapho abafundi babulawa khona amaphoyisa ohulumeni wobandlululo ngesikhathi bekhalela ukufundiswa ngesibhunu.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose