News Avenue
News / Izindaba

UNGQONGQOSHE UZOVAKASHELA E-ADDINGTON PRIMARY SCHOOL

UNGQONGQOSHE UZOVAKASHELA E-ADDINGTON  PRIMARY SCHOOL
Lindokuhle Ngcobo 

KUBHEKWE ukuthi uqhamuke nomhlahlandlela umhlangano kaNgqongqoshe wezeMfundo yamaZinga aphansi KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Sipho Hlomuka nabaphathi besikole saseThekwini, i-Addington Primary School.

Lo mhlangano kulindeleke ukuthi ubekusasa, ngoLwesine ngaphakathi e-Addington Primary School.  Kunxuswa abazali bezingane ezingaphakathi esikoleni kodwa ezingabhalisile ukuba bahambele lo mhlangano. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uMnuz Mlu Mtshali, utshele abezindaba ebebenkanise ngaphandle kwalesi sikole namuhla, ukuthi sizophuma kusasa isinqumo mayelana nabafundi abangabhalisile ngokusemthethweni. 

"Ngingakuqinisenisa ukuthi abafundi abangu 21, ababhaliswe esikoleni, bagcinwe egumbini labo bodwa ngaphakathi esikoleni. Laba bafundi baphephile, kunothisha ababili ababaqaphile.  UNgqongqoshe uHlomuka uzohlangana nabaphathi besikole, ukuze kuthathwe isinqumo mayelana nalaba bafundi. Sicela abazali bafike bezothamela umhlangano. Ingane ilethwa umzali esikoleni, afike ayibhalisi, ingakho sicela abazali bezingane ukuthi bafike emhlanganweni," kubeka uMtshali.

Lokhu kwenzeka nje, inhlangano iMarch and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma, ayizibekile phansi ibhikishela izikhala zabafundi bakuleli, kulesi sikole.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose