News Avenue
News / Izindaba

UNGQONGQOSHE UTHI ABALINDE ABABEKWE ISILO

UNGQONGQOSHE UTHI ABALINDE ABABEKWE  ISILO
KULINDELEKE ukuthi kubenozinzo endaweni yaseMpukunyoni, eMtubatuba. 

Emva kokuthi namuhla kubeneMbizo yokucacisa ngobuholi boMdabu baseDukuduku KwaNdonyana Sports Field, eDukuduku yokucacisa ngobuholi bomdabu. Kulandela umsindo, osuke  ngemuva kokuthi iSilo Misuzulu kaZwelithi sibeke uMnuz Mandla Ncube njengozoba yiso le ndawo yakwaDukuduku kuze koshaya ngasolwandle eSt Lucia ngenyanga edlule.

Lokhu kwenze  abakwaMkhwanazi bakhushukelwa imimoya njengoba le ndawo iphethwe Inkosi Ntokozo Mkhwanazi.

Ekhuluma kule Mbizo uNgqongqoshe wezokuBusa ngokBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal(KZN) uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe makuphele ukudideka ngoba iSilo sabeka Inkosi yakwaMkhwanazi ngokuphelele esihlalweni soBukhosi . Uthi zonke izigodi zaseMtuba zilawulwa Inkosi yakwaMkhwanazi, akekho omunye umuntu ongabeka Izinduna ngaphandle kweNkosi. 

"Abantu abasuke bethunywe iSilo abafunde ukulinda bacijwe kahle. Bangayi emphakathini benza into abangathunywanga khona. Bangayi emphakathini bazibize ngento abangasiyo ngoba lokho kuphambene nenqubomgomo yakithi kaZulu nomthetho wezwe laseNingizimu Afrika," kuchaza uButhelezi.

Le Mbizo ibihanjelwe uSihlalo weNdlu yamakhosi eKZN Inkosi Sifiso Shinga, Inkosi yakwaMkhwanazi eMtubatuba, uBukhosi bakwaMkhwanazi KwaDlangezwa, uBukhosi bakwaMkhwanazi esifundazweni iMpumalanga, Abantwana baseNdlunkulu kaZulu, Izinduna zeNkosi, Amabutho esizwe sakwaMkhwanazi noKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose