News Avenue
News / Izindaba

UNGQONGQOSHE UHLABISA UHAMBELE UMBUTHANO WOMKHULEKO WABESIFAZANE E-MSINGA

UNGQONGQOSHE UHLABISA UHAMBELE UMBUTHANO WOMKHULEKO WABESIFAZANE E-MSINGA
THOBEKA MCHUNU

UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, namuhla uhlanganyele nezinkulungwane zabesifazane emhlanganweni
womkhuleko wabesifazane bezifunda ezahlukene obuhlelwe yiBandla, iThe Twelve Apostles Church in Trinity, ngaphansi kwesifunda saseGreytown, eMhlakothi Sports Ground eMsinga.
Lo mhlangano uthathe izinsuku ezintathu, uqale mhla ka26 kuya-28 kuNhlaba 2026, uhlanganise abesifazane abangaphezu kwezinkulungwane eziyishumi abavela ezifundeni ezahlukene zebandla. UNgqongqoshe Hlabisa uhambele usuku lokuvala lomkhuleko izolo ehambisana neMeya yesiFunda sase-uMzinyathi, uCll T.H. Mchunu, iMeya yoMkhandlu waseMsinga uCllr Dr FJ Sikhakhane iMeya yaseEndumeni, uCllr A.M. Mkhize, kanye namakhansela.

Ekhuluma nebandla, uNgqongqoshe Hlabisa uncome abesifazane ngokukhuthazeka
kwabo, ubuholi, uzwelo, kanye nokuzinikela kwabo ekwakheni isizwe. Ugcizelele ukuthi abesifazane bayinsika yemiphakathi futhi bangamandla aqhuba ukwakhiwa komphakathi ongcono
“Yonke into esekelwa owesifazane iyaphumelela,” kusho uNgqongqoshe Hlabisa, egqamisa amandla abesifazane ekuqiniseni imindeni, ekuphakamiseni imiphakathi nasekuletheni intuthuko esimeme ezinhlanganweni nasemphakathini.
UNgqongqoshe uphinde wakhuthaza amantombazane asemancane ukuthi alwele amathuba obuholi ngokuzethemba nangokuzimisela, ebakhumbuza ukuthi nawo ayakwazi ukubamba izikhundla eziphezulu zokwenza izinqumo kuyo yonke imikhakha yomphakathi. kusho uNgqongqoshe. ubuye waqhakambisa iqhaza elibalulekile elidlalwa izinhlangano zenkolo ekuqiniseni ubumbano emphakathini, ekuvuseleleni isimilo, ekuletheni ithemba nasekugcineni uzinzo emiphakathini ezweni lonke, njengoba amabandla eqhubeka nokuba yinsika yokuqondisa nokweseka abantu.
Lo mhlangano uphethe ngemikhuleko yokuthula, ubunye, ubuholi obuqhubekisela phambili intuthuko, kanye nokuqhubeka nokunikezwa amandla kwabesifazane ezweni lonke.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose