News Avenue
News / Izindaba

UNDUNANKULU UNCOMA UMSEBENZI KAMKHWANAZI

UNDUNANKULU UNCOMA UMSEBENZI KAMKHWANAZI
LINDOKUHLE NGCOBO

SEKUQUBUKE imibuzo ngekusasa likaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi njengoba inkontileka yakhe isiya ngasemaphethelweni. 

UNdunankulu waseKZN uMnuz Thamsanqa Ntuli usephumele obala wancoma umsebenzi owenziwa uGeneral Mkhwanazi wokulwa nobugebengu eKZN. 

Ekhuluma nabezindaba namuhla ngesikhathi eqhuba umkhankaso engangeni ngesango iyafohla kwenye yezinkampani ekhiqiza ukudla eMbilo, eThekwini uNtuli uthe uMkhwanazi ubuyise isithunzi samaphoyisa nomdladla wokusebenza emaphoyiseni. 

"Bekufanele abekhona(General Mkhwanazi), ngeshwa akekho lapha esifundazweni. Kulena yokuthi uzoqhubeka(General Mkhwanazi) yini abe uKhomishana wamaphoyisa noma cha, siyoliwela lelo bhuloho uma sekufike isikhathi. Ngibona sengathi ukusebenza kwakhe akekho ofisayo ukuthi kufike isikhathi sokuthi akasaholi amaphoyisa aseKZN," kuchaza uNtuli.

Nakube uNdunankulu engaphumelanga obala ngohambo lukaMkhwanazi. INews Avenue ihabule ukuthi uMkhwanazi unomhlangano noMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhwanazi osematheni kulezi zinsuku, ngemuva kokuphumela obala ngezinsolo zenkohlakalo engaphakathi embuthweni wamaphoyisa. Nalapho aphume iqhulu noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu  nePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli uMnuz Shadrack Sibiya.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose