News Avenue
News / Izindaba

UNDUNANKULU UFUNA KUPHENYWE NGEZINSOLO EZIVEZWE UMKHWANAZI

UNDUNANKULU UFUNA KUPHENYWE NGEZINSOLO EZIVEZWE UMKHWANAZI

LINDOKUHLE NGCOBO

LIPHENDUKE undaba mlonyeni igama lombutho wamaphoyisa kulezi zinsuku. Kulandela ukuthi uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ephumele obala ngezinsolo azibhekise kuNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnuz Senzo Mchunu nePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLt General Shadrack Sibiya. 

Ephawula ngalolu daba izolo eNkandla, uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli  uveze ukuthi bewuhulumeni waseKZN bakhathazekile ngezindaba ezivezwe uMkhwanazi ngeSonto emini. 

"Izindaba ezijule kakhulu ezidingayo ukuthi zingazitshwa, zilandelelwe ubuqiniso bazo. Ubuqiniso bazo ibona obungakwazi ukulekelela abantu ukuthi bawathembe amaphoyisa, basithembe nathi njengohulumeni," kusho uNtuli. 


"Ubengaqali uLt General Nhlanhla Mkhwanazi njengoKhomishana wamaphoyisa eKZN, noKhomishana kazwelonke(General Fannie Masemola) bahlala besazisa ngobugebengu. Sesiyazi ukuthi ubugebengu esinabo ibuphi, nokuthi izona ziphi izindawo ezihlupha ngobugebengu. Ulwazi lokuthi kunobugebengu into ebingasona isigameko sokuqala ukuba akhulume ngakho esidlangalaleni, uNgqongqoshe wamaphoyisa uyakhuluma ngakho esidlangalaleni nami ngiyakhuluma ngakho esidlangalaleni. Angikholwa ukuthi kunobugebengu okumele bufihlwe, kunobugebengu okuvele buvezwe," kuchaza uNtuli.

UMkhwanazi uthe uMchunu uphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, uvikela izigebengu eziphenywa ngokubulawa kosopolitiki. Waphinde waveza izinsolo zokuthi uNgqongqoshe uMchunu usebenzisana nabashushumbisa izidakamizwa. 

"Abantu benza ubugebengu kangaka nje, izidakamizwa zinomthelela. Sifuna ukubhekana ngqo nezigebengu kodwa sesitholile ukuthi kunongqondongqondo abasebenzisana nezigilamkhuba esibhekana nazo ezindaweni ezifana naseNanda," kusho uMkhwanazi.

Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose