News Avenue
News / Izindaba

UNDUNANKULU UCELA KUVIKELWE UMHLATHUZE SPORTS COMPLEX

UNDUNANKULU UCELA KUVIKELWE UMHLATHUZE SPORTS COMPLEX

LINDOKUHLE NGCOBO 

NJENGOBA inkundla yezemidlalo uMhlathuze Sports Complex, eseRichards Bay ngaphansi kaMasipala uMhlathuze, isezingeni lokusingatha imidlalo yasekhaya yeRichards Bay FC kwiBetway Premiership.

 UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli usenxuse umphakathi wale ndawo ukuba uyiphathe kahle le nkundla, esandakuvulwa ngokusemthethweni ngemuva kokulungiswa kabusha.

UNtuli uphakamise lesi sicelo izolo, kulandela ukuthi le nkundla isingathe imidlalo yeKZN Premier's Cup ngokuyimpumelelo.  Le midlalo yezinsuku ezimbili inqontshwe osokhaya iRichards Bay fc ngo 1-0 ishaya iDurban City kowamanqamu. 

Ekhuluma uNtuli  unxuse uMasipala uMhlathuze  ukube ulekelele ekuvikeleni le nkundla.

"Inhlanhla esinayo lana kule nkundla kunabantu abagadayo. Abantu abanikezwe ithuba lokuba bezobukela ezemidlalo lana, kufanele bayihloniphe bazi ukuthi ingeyokuqala enyakatho nesifundazwe  inkundla yezemidlalo eseqophelweni eliphezulu," kuchaza uNtuli.

"Kufanele siyivikele ngoba iyona eyithemba lokuthuthukisa umnotho, iyona ezokwandisa amathuba omsebenzi ngoba ezemidlalo zenza lokho. Uma ngabe iPSL isikhiphe imvumo yeqembu elizodlala lana, kusho ukuthi ngisho iMamelodi Sundowns soyibona lana, ngisho iKaizer Chiefs sizoyibona lana. Lokhu kuchaza ukuthi ingqalasizinda yethu kumele ihlale isesimeni, basibone ukuthi singabantu abakwaziyo ukugada into yabo," kubeka uNtuli. 

Isiyonke imiphumela yeKZN Premier’s Cup

NgoMgqibelo: AmaZulu 3 - 2 Lamontville Golden Arrows

Durban City 2 - 1 Milford 

NgeSonto imidlalo yama Semi-finals: Richards Bay fc 1(4) - 1(3) Midlands Wanderers fc

 Durban City  3- 2 AmaZulu fc
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose