UMZIMBA KA MTHETHWA SEWUZOLETHWA ETHEKWINI
Kulindeleke ukuthi umzimba wakhe(uMthethwa) udluliselwe esifundazweni iKwaZulu-Natal, lapho ezofihlwa khona. UMthethwa udlule emhlabeni eneminyaka engu-58 ubudala, uzohlonishwa ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili, ngeSonto mhlaka 12 October, endaweni yakwesaKwaMthethwa, eMpangeni.
Lo mholi owake wabanguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko waphinde wabanguNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli, udlule emhlabeni ngenyanga edlule eFrance. Kuze kube yimanje ayikaziwa imbangela yokudlula kwakhe emhlabeni, amaphoyisa asaphenya.