News Avenue
News / Izindaba

UMSINDO URAMAPHOSA EQOKA ONGANGENANGA KWINHLOLOKHONO

UMSINDO URAMAPHOSA EQOKA ONGANGENANGA KWINHLOLOKHONO
Sekuqubuke omkhulu umsindo ngesenzo sikaMengameli Cyril Ramaphosa. UMengameli usanda kumemezela u-Adv Andy Mothibi ngengozoba yiNational Director of Public Prosecutions (NDPP).

Umsindo ususwa ukuthi uMothibi ubengekho kwinhlolokhono yalomsebenzi.

Echaza uVincent Magwenya okhulumela ihhovisi likamengameli, ngesinqumo sakhe, uthe kulabo bonke abangu-6 abenze inhlolokhono, akekho owatholakala simlungele lesi sikhundla. "Okunye futhi okumele kuqondwe umphakathi ukuthi, kuyilungelo likamengameli ukuqoka iNDPP. Kodwa ngoba ufuna zonke izinto zihlale obala nokuthi lowo owenze inhlolokho waphumelela, umphakathi ukwazi ukumqonda kangcono,"kubeka uMgwenya.

Ube esechaza ngokuthi, uMothibi usilungele lesi sikhundla, njengamanje uphethe iSpecial Investigating Unit (SIU).

U-Adv Lawson Naidoo weCasac, uthe khona akubanga yinto enhle ukuthathwa komuntu engayenzile inhlolokhono, bekubalulekile ukuthi uma umengameli ebona ukuthi uMothibi ukufanele ukuthatha lesi sikhundla, amcele ukuthi afake isicelo somsebenzi.

Njengamanje kushiya imibuzo ukuthi umengameli avele aziqokele umuntu ekubeni abanye benze ama interviews.

Njengamanje lesi sikhundla seNDPP sisezandleni zika Adv Shamila Batohi, osethatha umhlalaphansi ngenxa yeminyaka.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose