News Avenue
News / Izindaba

UMSINDO NGESITULO EBESIHLELI INTULI EMKHOSINI WOMHLANGA

UMSINDO NGESITULO EBESIHLELI  INTULI EMKHOSINI WOMHLANGA
LINDOKUHLE NGCOBO 


SEKUSUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana mayelana nesihlalo ebesihlezi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli eMkhosini woMhlanga, ngesikhathi izintombi zibeka umhlanga esigodlweni eMashobeni, oPhongolo.

Lesi sithombe sifakwe ezinkundleni zokuxhumana ngenye yenhlangano yezindaba egxeka isitulo ebesihlezi uNtuli ngesikhathi izintombi zibeka umhlanga esigodlweni. 

Ephawula ngalesi sithombe uMntwana Thulani Zulu waseZibindini okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini neNdlunkulu kaZulu, uthi lesi sithombe esivezwe ile nhlangano yezindaba siyamkhathaza. Wadulula ukuthi lesi sihlalo besingahlelelwe uNdunankulu. 

"Laphaya kwisakhiwo bekulungiselwe iNgonyama kubekwe isihlalo sayo ngesikhathi kubekwa umhlanga. Ngenxa yokuma isikhathi eside, izingane zilokhu zibeka umhlanga kuze kwadonswa izitulo zepulasitiki ebezikude buduze nalapho kubekwa khona umhlanga, ebezingahlosile ukuthi ngezakhona. UNdunankulu wadonsa isihlalo sepulasitiki laphaya ukuba acuphe kuso. 


"Nenkosi yaKwaChiliza isebenzise isitulo seplastiki. NaMakhosi nabo bonke ebebekhona bagcina bezidonsela leziya zitulo ebezibekwe inqwaba laphaya baqoshama kuzo ngoba kahle kahle bekungasiyona indawo yomcimbi. Inhloso bekuwukuma kwasho ukuthi ilanga liyashiya," kuchaza uMntwana Thulani.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose