News Avenue
News / Izindaba

UMOGOTSI UVUMA EYOKUBHACAZA KWIKHOMISHANA KAMADLANGA

UMOGOTSI UVUMA EYOKUBHACAZA KWIKHOMISHANA KAMADLANGA

UKHOMISHANA u-Adv Sesi Baloyi utshele usomabhizinisi uMnuz Brown Mogotsi ukuthi ufike kwiKhomishana kaMadlanga engenakho ubufakazi obuphathekayo.

UBaloyi ongomunye woKhomishana besigcawu esiholwa uJaji Madlanga, uthi uMogotsi usebenzisa le khomishana ukwenza izinsolo ezibucayi ngabanye abantu.

UMogotsi uvumile ukuthi akanabo ubufakazi obuphathekayo.

"Ngize lana ukuzosiza iKhomishana,  ngizokhuluma konke engikwaziyo angiqambi amanga. Engikushoyo ngakuzwa ngoCat Matlala. Yebo anginabo ubufakazi bakho kodwa ngakutshela uMatlala,"

UMogotsi usho kanje ngemuva kokwehluleka ukuveza ubufakazi, bokuthi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi noKhomishana wamaPhoyisa kuleli uGeneral Fannie Masemola bafakelwa imali nguMnuz Vusumuzi Cat Matlala.

IKhomishana kaMadlanga iyaqhubeka njengamanje ePitoli.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose