UMOGOTSI USEKHALE NGOKUNGABI NAMATRIC
UMogotsi njengamanje uyaqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe phambi kweMadlanga Commission.
Uthe eqala nje uJudge Madlanga wamxina ngemibuzo. UMadlanga ubebuza ukuthi sisho ukuthini isifungo kuyena. UMogotsi uvele wajika wagxeka ummeli ohola ubufakazi, ekhala ngokuthi akenzisi okomuntu ohola ubufakazi kodwa uzophathisa okomshushisa.
Ikhomishana iyaqhubeka ePitoli.