News Avenue
News / Izindaba

UMLANDO WEMIKHOSI YESIZWE SAMAZULU EHOLWA ISILO UMISUZULU KAZWELITHINI

UMLANDO WEMIKHOSI YESIZWE SAMAZULU EHOLWA ISILO UMISUZULU KAZWELITHINI
LINDOKUHLE NGCOBO 

Isizwe samaZulu sinothile kakhulu ngamasiko naMakhosi aso, futhi kubalulekile ukuthi wonke uMzulu ayazi imikhosi eholwa ngezandla zamakhosi eSilo samabandla, iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini. Le mikhosi ayigcini ngokuhlanganisa isizwe kodwa iyakha, ifundise, iphinde ivuselele isithunzi sobuZulu unyaka wonke.

Ngesikhathi amakhosi evuna isitshalo esisha sokuqala konyaka(ngoJanuary), isizwe sihlangana eMachobeni ukugubha uMkhosi wokweShwama (okwaziwa nangokuthi uMkhosi woSelwa). Kulo Mkhosi, amabutho ezinsizwa ahlangana ukuzokhulekela isizwe, acelisisa inala emithandazweni eya kuMvelinqangi nokunika iSilo amandla okuvula unyaka omusha wokuvuna.

Ngayo inyanga kaJanuary, izinhliziyo zamaZulu zigcwala iqhayiya, lapho kubanjwa uMkhosi waseSandlwana. Lona umkhosi omkhulu wokukhumbula impi yomlando, lapho amabutho amaZulu, eholwa iSilo uCetshwayo kaMpande , anqoba umbutho wamaNgisi ngonyaka ka-1879.

Uma unyaka uqhubeka uya phambili, ngenyanga ka-August, isigodlo sikaZulu sikhanyiswa ngomama. Kulapho kubanjwa khona uMkhosi weSivivane (uMkhosi woMama), lapho omama besizwe behlangana khona ukwabelana ngolwazi lomndeni, ukuxoxa ngezamabhizinisi, nokubeka izishebo zabo phambi kweSilo ukwakha isizwe esisimeme.

Kuthe kusenjalo, kuthwasa ihlobo ngenyanga kaSeptember, kufike ukuqhakaza kwezimbali esizweni, uMkhosi woMhlanga. Izinkulungwane zezintombi ezimsulwa zivunula zibheke esigodlweni ukuyofundiswa ngokuziphatha kahle, ukuhlonipha imizimba yazo, nokugcina ubuntombi bazo, njengoba zethula umhlanga ungaphukile phambi kweNgonyama.

Sigoqa unyaka, isizwe siphinde sihlangane ukubungaza iLembe eleqa amanye amalembe ngokugubha uMkhosi weLembe. Lolu usuku olukhethekile lokukhumbula nokuphakamisa impilo neziyalezo zomsunguli wombusi wakwaZulu, iSilo uShaka kaSenzangakhona.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose