News Avenue
News / Izindaba

UMKHWANAZI USEPHINDE WAGADLA KUSIBIYA

UMKHWANAZI USEPHINDE WAGADLA KUSIBIYA
LINDOKUHLE NGCOBO 

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, usephinde wazifaka zonke enyameni kuLieutenant General Shadrack Sibiya oyiphini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli osamisiwe. 

Lokhu kwenzeke namuhla ngesikhathi uMkhwanazi ethula ubufakazi kwikomidi lasephalamende (Parliament's Ad hoc Committee) eliphenya ngenkohlakalo esemaphoyiseni. 

UMkhwanazi utshele lesi sigcawu ukuthi uSibiya wakhuluma engacabanganga ngoJuly,  ngosuku uMkhwanazi aveza ngalo izinsolo zokuthi kunenkohlakalo emaphoyiseni. 

"Ngomhlaka 6 July, ngatshela umphakathi ngokwenzeka embuthweni wamaphoyisa. Ngalelo suku uGeneral Sibiya wayesajabulela iholidi leDurban July. Ngosuku olufanayo wakhuluma(uSibiya) kumabonakude. Wakhuluma okuningi, okujabulisayo ngoba wakhuluma engacabanganga," kuchaza uMkhwanazi. 

Eqhuba uMkhwanazi uthe uyathemba ukuthi uSibiya uzofika azochaza kuleli komidi azochaza kabanzi ngalo akusho.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSibiya wasola uMkhwanazi ngokugxambukela ezindabeni zamaphoyisa aseGauteng.  UMkhwanazi uthi yena wayenake umsebenzi wakhe eKZN, basuka bahlakaza uphiko lamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki. Uthi lokho kwamphoqa ukuthi enze uphenyo ngokwenzeka eGauteng. 

Lesi sigcawu sigcine siqhubekile ngemuva kobuhixihixi bokungabhalwa kwesitatimendi obekumele sifungelwe uMkhwanazi. 

Ohola uphenyo u-Adv Norman Arendse uxolisile ngokushaya udaka,  wabhala isitatimende ngokuphuthuma.
UMkhwanazi uphinde wagadla kakhulu kwilungu le komidi elimele iDA, uKohler Barnand ngeqhaza lakhe enkohlakalweni eyenzeka emaphoyiseni. Amanye amalungu aphakamise ukuthi ilungu leDA liphume kulo mhlangano.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose