UMKHWANAZI UDALULE UKUTHI UQALA NGQA UKUBONA IVIDEO
Kuvela ukuthi le vidiyo yathunyelwa uVan Wyk kuMkhwanazi, kukhona nobufakazi bokuthi uMkhwanazi wayivula kuWhatsApp wakhe. Iphinde yavulwa ngaphambi kwesigcawu sikaMadlanga namuhla, ePitoli, ukuze uMkhwanazi aphawule ngayo. Kuyo kubonakala uVan Wyk iphethe imali, ebuza uMkhwanazi ukuthi ayithumele kanjani kuyena(Mkhwanazi).
UMkhwanazi utshele iKhomishana kaMadlanga ukuthi uVan Wyk akayena umuntu ohambe enikeza abantu imali.
"UMike umuntu ojwayele ukuhamba ekhangisa ngezinsiza ezitholakala enkampanini asebenza kuyo. Ayikho imali engayithola kuyena," kubeka uMkhwanazi.