News Avenue
News / Izindaba

UMKHWANAZI NOMLAYEZO OSHUBILE EMAPHOYISENI AMASHA

UMKHWANAZI NOMLAYEZO OSHUBILE EMAPHOYISENI AMASHA
LINDOKUHLE NGCOBO 

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi wethule ngokusemthethweni amaphoyisa angu-145 Endaweni namuhla oLundi.

Lawa maphoyisa aphothule uqeqesho lombutho wamaphoyisa lezinyanga  ezingu-6. Kuwo kukhona angu-109 esifazane nangu-36 esilisa.

Ekhuluma uMkhwanazi utshele laba bakwasidlodlo ukuthi bagweme ukwenza inkohlakalo noma ukwephula umthetho. Wathi ukuba iphoyisa kuhambisana nobubaqotho,  ezeseke ngelithi izigebengu zijwayele ukufuna ukuba ngabangani namaphoyisa ngoba zifuna ukuvikelwa.

"Abanye bazokujabulela ngenhloso yokukugwazela,  abakubiza ngemali kadrinki,   ungayamukeli. Thanda izwe lakho, hlonipha abantu,  sebenza, hlonipha isifungo owasenza ngesikhathi ujoyina umbutho wamaphoyisa. Vikela izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika nempilo yakho ngaso sonke isikhathi," kuchaza uMkhwanazi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose