News Avenue
News / Izindaba

UMKHANAZI UKHALA NGOKUKHISHWA KWEZIBOSHWA EMAJELE

UMKHANAZI UKHALA NGOKUKHISHWA KWEZIBOSHWA EMAJELE
LINDOKUHLE NGCOBO 

LIYAQHUBEKA ikomidi lasephalamende (Parliament's Ad hoc Committee) eliphenya ngenkohlakalo esemaphoyiseni,

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi osaqhubeka nokwethula ubufakazi phambi kwaleli komidi namuhla eKapa esifundazweni saseWestern Cape. Lo Khomishana waseKZN ukhala ngokukhishwa kweziboshwa eziyingozi emajele. 

UMkhwanazi uthi namanje akukaqondakali ukuthi uThabo Bester wakwazi kanjani ukuphuma ejele waze waya kwelinye izwe. 

"Isibonelo sokuthi kukhona okungahambi kahle ngomthetho olawula amajele. Ziningi izibonelo zobugebengu okuhlelwa ngaphakathi ejele. Abantu babulawa ngetulo labantu ababoshiwe. Kudedelwa iziboshwa emajele, ziyobulala abantu bese zibuyiselwa ngaphakathi," kuchaza uMkhwanazi. 

UMkhwanazi uphinde wenza isibonelo ngokubanjwa kukaVusimuzi "Cat" Matlala nomakhalekhukhwini ngaphakathi ejele lasePitoli.

Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose