UMHLANGANO OPHUTHUMAYO WE NEC YE-ANC OMAYELANA NE JANUARY 8
Inhloso yalo mhlangano ukuhlanganisa amakhanda mayelana neBirthday yaleli qembu okulindelwe ukuthi igujwe kulempelasonto ngoMgqibelo, eNorth West.
Lomgubho we-ANC, waziwa kakhulu ngokuthi iJanuary 8, okuwusuku okwazaleka ngayo lenhlangano.
Ngokujwayelekile kwiJanuary 8 statement, i-ANC isuke inika umhlahlandlela wokuthi kuzokube kwenzakalani kulowonya omusha.
Isikhathi esiningi okunye okuthintwa kwiJanuary 8 kusuke kuzokapakela nakuhulumeni. Kulena kuzothi ukuba nomehluko njengoba uhulumeni seyiwubambe namanye amaqembu, ngaphansi kwe Government of National Unity.