News Avenue
News / Izindaba

UMENGAMELI UBHOBOKA NGOKUNGEZI KWATRUMP KWI G20

UMENGAMELI UBHOBOKA NGOKUNGEZI KWATRUMP KWI G20
Umengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uthi indaba  yokuduba izingqungquthela ayisizi ngalutho kwazise izwe elithatha leso sinqumo ilona elilahlekelwa kakhulu.

 Ubekhuluma kanjena kwezinye zezindawo abezihambela ehlanza izindawo ezithize eGoli.
URamaphosa ubezwakalisa ulaka lakhe ngesikhathi ephendula izintatheli mayelana neG20 eqala ngesonto elizayo.

 Ukuqinisekisile ukuthi umengameli waseMelika uDonald Trump ngeke abekhona, kanti akekho ophuma kulelizwe ozokuba khona.
Uthe uMengameli waseChina naye ngeke abe khona ngoba ubesenezinye izinhlelo kodwa kuzofika uNdunankulu wezwe laseChina.

URamaphosa uthe noma kanjani izoqhubeka ingqungquthela kanti elandelayo izosingathwa iMelika. Kubukeka emancane amathuba okuthi iNingizimu Afrika ithole isimemo uma kusenoTrump. Lomengameli uke wabuza ukuthi iNingizimu Afrika ifunani kwiG20.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose