News Avenue
News / Izindaba

UMENGAMELI NEPHINI LAKHE BASABAMBEKILE

UMENGAMELI NEPHINI LAKHE BASABAMBEKILE
LINDOKUHLE NGCOBO 

IHhovisi likaMengameli liqinisekise ukuthi izwe libhekene nesimo esingavamile, kulandela ukugula kukaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa nePhini lakhe, uMnuz Paul Mashatile, okuvela ukuthi abakakulungele ukwenza imisebenzi yabo yomphakathi ngenxa yezempilo. Lolu shintsho luza ngesikhathi esibucayi lapho izwe lilungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba mhlaka-4 November 2026.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiHhovisi likaMengameli, uRamaphosa unikezwe umyalelo ngodokotela bakhe ukuba aphumule futhi alulame. Lokhu kuza ngemva kokubuya kwakhe engqungqutheleni yamazwe omfelandawonye we-BRICS e-India. Izithunywa zikaMengameli ziveze ukuthi nakuba engakwazi ukubonakala emicimbini yomphakathi, ucele oNgqongqoshe abafanele ukuba bamele ihhovisi lakhe kuyo yonke imicimbi ehleliwe ukuze imisebenzi kahulumeni ingaphazamiseki. Kepha iHhovisi lakhe alizange lidalule ukuthi uzophumula isikhathi esingakanani. Ngenxa yalokhu, i-ANC ikumise kancane ukukhankasa kwakhe obekuhlelelwe iTheku.

Ngakolunye uhlangothi, iPhini likaMengameli, uMnuz Mashatile, ukhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuthi naye usadinga isikhathi sokuphumula, kulandela ukuhlinzwa okuncane adlule kukho.

"Ngiyathokoza ukunazisa ukuthi ukululama kwami kuhamba kahle kakhulu, futhi ngithola amandla usuku nosuku. Ngokweluleka kodokotela bami, ngizoqhubeka nokuthatha ikhefu lokophumula kuze kube kulandela omunye umyalelo," kusho uMashatile esitatimendeni.

Ihhovisi likaMashatile ligcizelele ukuthi imisebenzi isaqhutshwa kahle yithimba lakhe elisehhovisi, kanti naye ubelokhu ebamba iqhaza kweminye imihlangano yePhalamende nemihlangano ebalulekile esebenzisa ezobuchwepheshe.

Njengoba abaholi bezwe ababili abaphezulu bengekho emisebenzini yabo ejwayelekile ngenxa yokugula, imisebenzi eminingi iphethwe ngamalungu eKhabhinethi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose