News Avenue
News / Izindaba

UMEC WETHULE IKHUSELA ONE STOP CENTRE ETHEKWINI

UMEC WETHULE IKHUSELA ONE STOP CENTRE ETHEKWINI
Ungqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMbali Shinga, kuthe namhlanje wethula ngokusemthethweni iKhusela One Stop Centre eBluff, eThekwini.

Inhloso enkulu yokwethula lesi sikhungo,  ukulwisana nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane kanjalo nezingane.

UShinga uthe uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi kuneGBVF summit ngoNovember 22, waphakamisa ukuthi zonke izifundazwe zibe nayo iKhusela One Stop Centre. "Inhloso ukuqeda kumbe ukwenyusa isivinini sokulwisana neGBVF," kubeka uShinga.

Uphinde wancoma kakhulu umsunguli weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi nathe wayengabheki ukuthi abantu bayiqembu liphi lepolitiki, yena wayesiza umphakathi nje kwaphela, wathi nabo bahamba ezinyathelweni zakhe okaMagwaza-Msibi.

"Abantu baseZululand bazokutshele ngemisebenzi emihle abayenzelwe uMagwaza-Msibi ngaphandle kokukhetha ibala," kusho uShinga.

Kulomcimbi kade kukhona noGugu Gumede oyindodakazi kaMagwaza-Msibi naye ozibongele kakhulu emnyangweni ngokuqhubeka nemisebenzi emihle ebeyenziwa unina. "Umama kade ekukhonzile ukusebenzela abantu, bekuphela isikhathi eside singamboni ngenxa yokusebenzela umphakathi. Uphathwe yisifo sohlangothi iminyaka engu 7 kodwa akaze ayeke ukusebenzela abantu. Ngicela ukunika uMEC nayi ingubo, ifana nesipho sikaKhisimusi, nezulu alikho lihle kulezi zinsuku," kuphetha uGumede.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose