News Avenue
News / Izindaba

UMEC WAKWA DSD USHINGA WETHULE INYANGA KA OCTOBER NJENGEYOMNYANGO

UMEC WAKWA DSD USHINGA WETHULE INYANGA KA OCTOBER NJENGEYOMNYANGO
Ungqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, umhlonishwa uMbali Shinga, kuthe izolo kwezinye zezikhungo zalo mnyango, iValley View, eSydenham, eThekwini wethula ngokusemthethweni inyanga ka October njengenyanga yomnyango. Uphinde wethula nezinhlelo lomnyango ozokube ugxile kuzo kule nyanga.

 Ukhumbuze izihambeli ebezikhona kulo mcimbi ukuthi ingqikithi yakulo nyaka ithi Building Resilient Families. Ube esenza isibonelo ngomama ofike kulo mcimbi ehamba nendodana yakhe, okungu Ayabonga nonina Hlengiwe Gambushe. Umama nendodana bagcine betusa uhlelo lomnyanyo olubizwa ngeSinovuyo, abathe libasize kakhulu lenza nokubambisana okuhle phakathi kwabo njengomzali nendodana. Lolu hlelo selulekelele abantu abaningi, abanye babo abagcina sebethole nemisebenzi. 

Abanye abebekhona kulo mcimbi bagcine bethula ubufakazi. Inkosazana yakwa Ngcobo (uNothando) ona-29, ithe yona seyisizakale kakhulu kulomnyango oholwa nguMhlonishwa uShinga. "Ngiseneminyaka engu 11, ngadlwengulwa, okwaba buhlungu kakhulu ukuthi akekho owangikholwa, esikhundleni salokho kwakuthethiswa mina ekhaya. Akugcinanga lapho ngithe sengino 25 ngaphinde ngadlwengulwa. Lokhu kwenza ngalahla ithemba kodwa ngosizo lomnyango namhlanje ngiyasebenza angincike kumuntu, ngiwubonga kakhulu umnyango ngezinhlelo zawo," kubeka uMaNgcobo ogcine ekhala ngenxa yobuhlungu.
 Kube khona nomfana osemncane uMsizi Dlamini othe ngohlelo iSinovuyo namhlanje useqashiwe, wenza ugesi, naye ubonge kakhulu kuNgqongqoshe nomnyango ngabamenzele kona.
Kulomcimbi bekukhona nezikhulu eziphezulu zomnyango, zivela kwizifunda ezehlukene, zigcine ziphendula imibuzo ebeyihlohlwa ngabezindaba. Lomcimbi bewuphethwe ngobunono bekati usomahlaya odumile uMondli Mzizi.
Namhlanje uNgqongqoshe uthe bazolibhekisa ePort Shepstone, beqhuba zona izinhlelo zomnyango ezincike kakhulu emndenini.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose