News Avenue
News / Izindaba

UMEC WAKWA DSD UDALULE UKUTHI KONKE KUHAMBA KAHLE NGE GPU

UMEC WAKWA DSD UDALULE UKUTHI KONKE KUHAMBA KAHLE NGE GPU
SIZO BLOSE 

Ungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMhlonishwa uMbali Shinga uthi phansi amaphaphu, umphakathi awukhululeke ayikho lendaba yokuthi bona njenge NFP bazophuma kuhulumeni wokubambisana (GPU).

Ukhuluma kanjena nje kungenxa yemibiko eke yasabalalisa okomlilo wequbula ngempelasonto, lapho onguMenganeli waleli qembu, u-Ivan Barnes evele wathi bazimisele ngokuphuma kulohulumeni ngoba abasabuthembi ubuholi baNdunankulu, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uShinga ukubeke kwacaca ukuthi bona kuhulumeni bajabulile ngomsebenzi owenzelwa abantu yilo hulumeni. "Bheka nje ngoLwesithathu sizobe sikuThukela siholwa uNdunankulu ngaphansi kohlelo i-Operation Sukuma Sakhe. Namhlanje siseCharlestown lapho kwethweswa khona iziqu abafundi abangu 200," kuchaza uMhlonishwa uShinga egcizelela ekutheni konke kuhamba kahle kuhulumeni kanti nezinhlelo zokuyisa intuthuku emphakathini aziphazamisekile.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose