News Avenue
News / Izindaba

UMEC UYAZIHLANGULA KWELOKUXOSHISA UMSAKAZI

UMEC UYAZIHLANGULA KWELOKUXOSHISA UMSAKAZI
Uyazihlangula uMEC wezeMpilo osolwa ngokuxoshisa umsakazi weVuma FM.

Kuthe uma kuzwakala izindaba zokuxoshwa kukaJacinta Ngobese emsakazweni, kwaqala ukukhuluma. 

Kusuke uMnuz uZwakele Mncwango wasola ukuthi umuntu ongemuva kokuxoshwa kwalesi silomo somsakazi uMEC Nomagugu Simelane, woMnyango wezeMpilo eKZN.

 Akugcinanga lapho kuphinde kwavele intatheli eveze ukuthi inkinga iqale ngomkhankaso osungulwe uJacinta obizwa ngeMarch and March olwisana nabafike ngokungemthetho kuleli.

AbeMarch and March kuthiwa besebeya nasezibhedlela ukuyovimba abokufika ukuthi bangalutholi usizo ezibhedlela.

Inkinga iqale lapho ke ngoba uMnyango ophethwe uNomagugu ube sewuyalela iVuma FM ukuthi ixoshe uJacinta ngale kwalokho ngeke usawunika lomsakazo izikhangiso nokuyizona ezenza lomsakazo uqhubeke nokusebenza. 

Umsakazo kuthiwa ube sewenza lokhu okufiswa umnyango wamxosha uJacinta.

Uziphendulela lo msakazo uthe ayikho leyonto, wona awunawo amandla wokuthathela izinqumo umsakazo.

 Kwenzeka konke lokhu nje uMEC Simelane usanda kutholana phezulu neSolezwe ngombiko awawuveza ukungahambisani kwakhe nokuzinjwa kwabokufika uma bezofuna usizo lwezempilo. Kulombiko kwaze kwavela ukuthi iMEC ithi kumele baboshwe abavimba abafika ngokungekho emthethweni uma befuna usizo.

Iningi labantu baphinde basola abaphathi balo msakazo ngokuba ntekenteke. Bathi umsakazo bekumele uvikele umsebenzi wawo, ungathathelwa umnyango izinqumo. Kuphinde kuvele ukuthi akuqali ukwenzeka lokhu kulomsakazo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose