News Avenue
News / Izindaba

UMCHUNU UZISHAYA ISIFUBA NGOKUHLAKAZA I-PKTT

UMCHUNU UZISHAYA ISIFUBA NGOKUHLAKAZA I-PKTT
LINDOKUHLE NGCOBO 

UZISHAYA isifuba ngokuhlakaza uphiko lamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal(KZN)  (PKTT)  uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke  osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu. 

Lokhu kuvele namuhla njengoba uMchunu ethula ubufakazi phambi kwamalungu eKomiti lasephalamende i-Ad Hoc , eKapa. 

UMchunu uthi akukwazi ukuthi kungaba khona uphiko lamaphoyisa elizoba esifundazweni esisodwa.  

"Buningi ubugebengu okwenzeka eNingizimu Afrika. Asikwazi ukuba nophiko oluzogxila ekubulaweni kwamakhansela nezinduna," kusho uMchunu. 

UMchunu uphinde wavuma ukuthi wabhalelwa uKhomishana waseKZN uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi umyalezo emcela ukuba babenomhlangano.  UMkhwanazi wayefuna ukubikela uMchunu ngokwenzeka embuthweni wamaphoyisa nezinsongo ayezithola nomndeni wakhe(Mkhwanazi). Nokho lowo mhlangano awubangakhona ngoba uMchunu wanqaba. 

Leli komiti liphenya ngezinsolo ezavezwa nguMkhwanazi ngoJuly wakulo nyaka.  UMkhwanazi waveza ukuthi uMchunu usebenzisana nezigebengu eziyingozi. Wathi kunokugxabukela kosopolitiki emacaleni obugebengu abucayi. 

Njengamanje uMchunu uyaqhubeka nokuphendula  imibuzo phambi kwamalungu ekomiti le-Ad hoc.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose