News Avenue
News / Izindaba

UMCHUNU UTHI USEKUJAHE KABI UKUYOBEKA UHLANGOTHI LWAKHE KWI MADLANGA COMMISSION

UMCHUNU UTHI USEKUJAHE KABI UKUYOBEKA UHLANGOTHI LWAKHE KWI MADLANGA COMMISSION
SIZO BLOSE 

UNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uSenzo Mchunu uthi uselinde usuku lwakhe kuJudge Madlanga.. 

UMchunu ubekhuluma kwesinye seziteshi zethelevishini ngemuva kwe Memorial Lecture abeyenza eRichardsbay. 

Uthe akasakwazi ukulinda ukuze naye aveze uhlangothi lwakhe, ngemuva kwenkulumo eyenziwa uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJuly 6, lapho asho kwagcwala umlomo ukuthi uNgqongqoshe usebenzisana nezigebengu. 

Lokhu kwaholela ekutheni, uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa athathe isinqumo sokumumisa emsebenzini waphinde wasungula neCommission eholwa uJuge Madlanga, ephenye ngakho konke okungekho emthethweni okwenzeka emaphoyiseni. Yize lingakokwaziwa usuku azovela ngalo uMchunu kodwa ukuqinisekisile ukuthi uzoba khona noma ikanjani. 
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose