News Avenue
News / Izindaba

UMCHUNU UTHI AMAZWE KUMELE ALANDE IZAKHAMUZI ZAWO MANJE

UMCHUNU UTHI AMAZWE KUMELE ALANDE IZAKHAMUZI ZAWO MANJE

LINDOKUHLE NGCOBO

UNgizwe Mchunu, ongomunye wabaholi abaphambili enhlanganweni iMarch and March eholwa nguJacinta Ngobese Zuma, uncome uhulumeni waseGhana ngokuthatha isinyathelo sokulanda izakhamuzi zayo eNingizimu Afrika ngendlela ehloniphekile.

UMchunu ukhulume kanje esithangamini sabezindaba eJeppe Park, eGoli, namhlanje.

Uthe wonke amazwe kumele afunde kuhulumeni waseGhana, othumele indiza ezolanda abantu bakhona abangu 300 esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport. Laba bantu sebebuyela e-Accra, eGhana.

“IGhana iyisibonelo esihle. Kusasa kulindeleke ukuthi iphinde ithuthe abanye abantu abangu-600 ibabuyisele ekhaya(Ghana). Sicela wonke amazwe enze njengayo. Sicela namanye amazwe alande abantu bawo kungakashayi isikhathi. Ngeke sivume abantu bokufika ngokungekho emthethweni baxhaphaze izwe lethu besebenzisa izaba zokuthi basiza ngesikhathi sobandlululo noma sinobudlelwano namazwe abo,” kusho uMchunu.

Kulesi sithangami sabezindaba, uNkosikhona “Phekal’Umthakathi” Ndabandaba uxwayise abantu baleli ukuthi bangathengi ezitolo zabokufika.

"Kusukela kusasa mhlaka 1 June 2026. Bantu bakithi yekani ukuthenga ezitolo zabokufika nokuthuma izingane zenu khona. Baqalile ukufaka ushevu ezimpahleni, lalelani nina bondlebekazizwa," kubeka uNdabandaba.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose