News Avenue
News / Izindaba

UMATLALA UMANQIKA UKUDEDELA LONKE ULWAZI

UMATLALA UMANQIKA UKUDEDELA LONKE ULWAZI
Ukuhlala kukaVusimuzi Cat Matlala phambi kwe-Ad Hoc Committee, eKgosi Mampuru Prison kusathe ukuhlaba ikhefu. UMatlala uqale ngokufunga, ube esesho amagama aphelele. Uveze ukuthi ukhuliswe unina eMamelodi kanti naye ushadelwe unezingane ezingu-9. 

UMatlala ubuzwe ngobuhlobo bakhe noMsibi ongusomabhizinisi  osanda kudlula emhlabeni, wathi uyamazi futhi ubesebenzisa abaqaphi bakhe. Uvumile ukuthi umncwabo kaMsibi wawumkhulu futhi naye wayekhona. Unezinkampani eziningi kidwa ezinye uthi sezavala.

Ubemanqika ukuphawula ngeMed Care Clinic ngoba ethi kunophenyo oluqhubekayo ngalolu daba, kungenzeka agcine esezigaxelisile. 

Kwenzeka konke nje basebenze ngesitatimende esingasayiniwe. Ucele ukuthi ukulalelwa bokufakazi bakhe kunqanykulwe ngo 5 ntambama ukuze azilungiselele kahle.
Kusahlatshwe ikhefu kubuywa ngo 2
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose