UMASIPALA WETHEKU UNXUSA UMPHAKATHI UKUTHI UBIKE NGAMAPAYIPI AQHUMILE
Le nkinga idalwa ukonakala kwengqalasizinda okubangelwa ukuguguleka kwemishini, ukuntshontshwa kwengqalasizinda.
UMasipala ithi wenza imizamo yokulungisa, lapho kwabelwa khona izimali ezintsha emuva kokulungiswa kwesabelomali
Izakhamizi ziyakhuthazwa ukuba zibike amapayipi aqhumile ku-Water Services Support ngokuthumela iWhatsApp ku 073 158 3477 noma kwinombolo yamhhala ku 080 311 1111.