News Avenue
News / Izindaba

UMASIPALA UXOLISILE NGOKUCHITHEKA KWENDLE EMGWAQENI

UMASIPALA UXOLISILE NGOKUCHITHEKA KWENDLE EMGWAQENI
IZIKHULU zikaMasipala weTheku sezixolise ngokusemthethweni ngokuchitheka kwendle emgwaqeni uMargaret Mncadi Avenue nasemephethelweni wawo.

Lokhu kwembulwe esithangamini sabezindaba esibanjelwe eCity Hall, eThekwini namuhla. Lapho uMkhandlu umemezele khona ukuvalwa kwamabhishi amakhulu okuphuthumayo njengoba kusaqhubeka umsebenzi wokulungisa.

"Siyaxolisa kakhulu kwabathintekile okubalwa kubo izakhamuzi, osomabhizinisi, abagibeli nezivakashi ngokungakhululeki nokudideka okubangelwe ukuchitheka kwendle," kusho uMqondosi Wezemisebenzi Yobuchwepheshe eThekwini uMnuz Ednick Msweli.

Echaza uMsweli uthi le nkinga idalwe amaphutha ezobuchwepheshe esiteshini samaphampu eMahatma Gandhi ngenxa yezindwangu nezinto ezingcolisa amanzi ezivale amaphampu. Uveze ukuthi isiteshi sisebenze ngaphansi kwengcindezi enkulu, kusebenza iphampu eyodwa kuphela kwezine.

"Ukuze sivikele ukuphepha komphakathi, sithathe isinqumo sokuvala izindawo zogwini ezithintekile okubalwa kuzo iBay of Plenty, iNorth Beach neBattery Beach ngesikhathi kuqhubeka ukuqapha izinga lamanzi nokuhlanzwa kwendawo," kusho uMsweli.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose