UMAPISA NQAKULA UDALULE UKUTHI AKAKAZE AMSABISE UFAKAZI
OwayenguSomlomo wePhalamende lakuleli uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula utshele inkantolo ePhakeme yasePitoli ukuthi akazange amesabise ufakazi omkhulu wombuso, uNkk Nombasa Ntsondwa-Ndhlovu. UMapisa-Nqakula obhekene namacala angu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali, ubethula ubufakazi bakhe namhlanje phambi kukaJaji Mashudu Manzhelele.
Umbuso uthi uMapisa-Nqakula wafuna ukugwazelwa ngemali engu-R4.5 million, wamukela imali engaphezulu kuka-R2.1 million kunkontileka yezempi phakathi konyaka ka-2016 noka-2019 ngesikhathi enguNgqongqoshe Wezokuvikela. Abameli bakaMapisa-Nqakula bachithe usuku lwanamhlanje bephonsela inselelo enkulu uhlu lwezikhathi kanye namarekhodi ezimali ethulwe abashushisi. Nakuba uMapisa-Nqakula evumile ukuthi babenobudlelwane obuhle noNtsondwa-Ndhlovu futhi amukela izipho ezincane ezifana namawigi. UMapisa-Nqakula ugcizelele ukuthi akakaze athathe imali noma adayise amathenda ebutho lezempi.
Icala libuyele emzileni namhlanje kulandela ukuhlehliswa kwalo ngesonto eledlule ngenxa yokugula kukammangelelwa. Lokhu kuza ngemuva kokuba inkantolo isanda kuchitha isicelo sikaMapisa-Nqakula se-Section 174, sokuba icala lihlakazwe ngenxa yokushoda kobufakazi. Kulindeleke ukuthi ukulalelwa kwecala kuqhubeke kusasa mhlaka 17 September 2026, ekuseni lapho abashushisi bezobe beqala umkhankaso wokubuza uMapisa-Nqakula imibuzo mayelana nalezi zigidi zamarandi zomshoshaphansi.