News Avenue
News / Izindaba

UMAMKHIZE UBHOBOKA NGOBUHLUNGU BOKULAHLEKELWA I-ROYAL AM

UMAMKHIZE UBHOBOKA NGOBUHLUNGU BOKULAHLEKELWA I-ROYAL AM

LINDOKUHLE NGCOBO

USOMABHIZINISI waseThekwini owaziwayo uShauwn "MaMkhize" Mkhize uhlulekile ukuzibamba wagonyuluka ngobuhlungu bokulahlekelwa iRoyal AM. 

UMaMkhize ohambela phezulu kulezi zinsuku ngemuva kokuthenga iqembu laseSwatini iMbabane Highlanders AM FC. Ubhoboke okokuqala ngobuhlungu bokulahlekelwa iRoyal AM, uveze lokhu emsakazweni iMetro FM, izolo ebusuku. 

UMaMkhize uqale wabamanqika ukukhuluma ngeRoyal AM. Nebala kwala wagcina esegonyuluka, wathi uphukile emoyeni nasenhlizweni ngendaba yeRoyal AM. 

"Ibeke eceleni imali ngiyayisebenzela, leli qembu(Royal AM) nginikele umoya wami nenhliziyo yami kulo. Ngaphezu kwalokho kunabantu ebebesebenza kwiRoyal AM bephila ngayo. Ngibuhlungu ngabantu abalahlekelwe izimpilo zabo ngento ebebengeke bakwazi ukuyilawula," kubeka uMaMkhize ngomuzwa wobuhlungu. 

Kuzokhumbuleka ukuthi iRoyal AM ixoshwe i-PSL ngo-April walo nyaka, ngenxa yokwehluleka ukuya emdlalweni ikhala ngokungabi nayo imali. Igcine isigwinywa iSouth Africa Revenue Service(SARS) ngoba uMaMkhize eyikweleta imali elinganiselwa ka-R40 million.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose