News Avenue
News / Izindaba

UMALEMA UTHEMBISE UMKHWANAZI UMSEBENZI

UMALEMA UTHEMBISE UMKHWANAZI UMSEBENZI
Ligubhe iminyaka engu 12.  nabalandeli balo eKhayelihle, eKapa iqembu i-EFF elaqembuka kwi-ANC.

 Inkulumo yosuku yethulwe umholi ophinde abe ngumsunguli walo leli qembu uJulius Malema.

Lomholi owazakhela olukhulu udumo esekwi ANCYL, ulincome kakhulu igalelo laleli qembu kuleminyaka engu 12 lasungulwa. 

Uthe abaningi babengazi nakwazi ukuthi kune channel yepolitiki kwithelevishini kodwa manje bakwazi kahle lokho. "Abanye bebengalwazu nolimi olukhulunywa ephalamende njengo Point of Order kodwa namhlanje bayakwazi lokho," kuchaza uMalema.

Ube esegxeka ne MKP kaMengameli Zuma ngokusebenzisana ne Morocco ecindezele abantu base Western Sahara, wathi bona bahambisana nabantu base Western Sahara.

Ukhale kakhulu ngomqondisi osemnyangweni wezeMfundo, wathi usetshenziswa uDr Blade Nzimande. "Kuzoba nzima kakhulu kuNgqongqoshe omusha uButi Manamela ukusebenzisana nalomqondisi ngoba usetshenziswa uNzimande," kusho uMalema.

Uthe i-EFF iyingxenye kahulumeni ezindaweni eziningi kuleli, wathi lokhu kukhombisa ukukhula kwayo njengenhlangano.
Uphethe inkulumo yakhe ngokuncoma uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, wathi bona bawiMkhwanazi naye uyibona.
"Uma kungukuthi abayivuseleli inkontileka yakhe, angakhathazeki ngoba i-EFF izomqasha, aqhubeke nomsebenzi wakhe," kuphetha uMalema nabantu bemshayela elikhulu ihlombe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose