News Avenue
News / Izindaba

UMALEMA UKHWELE WADILIKA EPHOYISENI ELIKE LASOLWA UKUTHI LINGUMNGANI

UMALEMA UKHWELE WADILIKA EPHOYISENI ELIKE LASOLWA UKUTHI LINGUMNGANI
UMHOLI we-EFF uJulius Malema usekhwele wadilika kuLieutenant General Shadrack Sibiya oyiphini likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, emsola ngokungabi umuntu oqotho. 

Ekhuluma namuhla esithangamini sabezindaba eGoli, uMalema uthe uSibiya bekungamele aphikisane nokumiswa kwakhe emsebenzini.

"Ukube uSibiya ungumuntu olungile, ubengeke alwisane nokumiswa kwakhe. Kuyimanje kumele ngabe uthatha imithwalo yakhe athathe umhlalaphansi," kusho uMalema.

Igama likaSibiya alisalanga ngaphandle ngesikhathi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal (KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi eveza inkonhlakalo eyenzeka emaphoyiseni ngoJuly walo nyaka. 

Khonamanjalo, uMalema uphinde waveza ukuthi i-EFF, iyaseseka isiphakamiso sekungabuthembi ubuholi bukaNdunankulu waseKZN, uMnuz Thamsanqa Ntuli. Lesi siphakamiso sizovotelwa ngamalungu esiShayamthetho saseKZN, eMgungundlovu ngoMsombuluko mhlaka 15 December 2025.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose