News Avenue
News / Izindaba

UMALEMA UFUNA KUXOSHWE UMCHUNU NGOKUSHESHA

UMALEMA UFUNA KUXOSHWE UMCHUNU NGOKUSHESHA

LINDOKUHLE NGCOBO

UMENGAMELI we-EFF uMnuz Julius Malema usephefumule okokuqala emphakathini, mayelana nezinsolo ezivezwe uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi. 

Ekhuluma nenhlangano yezindaba i-eNCA news namuhla enkozweni yomngcwabo walowo owayeyiPhini likaMengameli wezwe uMnuz David Mabuza, eqhubeka eMbombela, eMpumalanga uMalema uthe ulindele ukuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa axoshe ngokushesha uNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu.

"UMchunu musha kulo msebenzi kodwa kuyacaca ukuthi useyengekile. Ukhomishana wamaphoyisa(General Fannie Masemola) kumele abuyise ukwethembeka kwamaphoyisa, ngokuthi axoshe bonke oKhomishana bezifundazwe abayizephulamthetho," kuchaza uMalema. 

Udaba lo mbutho wamaphoyisa lusematheni ngemuva kokuthi uGeneral Nhlanhla, ephumele obala ngezinsolo zenkohlakalo eyenzeka ngaphakathi embuthweni wamaphoyisa. Nalapho uMkhwanazi ephume iqhulu noNgqongqoshe uMchunu nePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli uLieutenant General Shadrack Sibiya.

 Kulindeleke ukuthi uMengameli uRamaphosa abhekane ngqo nalolu daba eliwundaba mlonyeni kulezi zinsuku, kusasa ngehora lesi-7 ebusuku.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose