News Avenue
News / Izindaba

UMAKHUBELA WE-MKP UZOZIBAMBELA KWI AD HOC COMMITEE NGEMUVA KOKUSUSWA KUKA SKHOSANA

UMAKHUBELA WE-MKP UZOZIBAMBELA KWI AD HOC COMMITEE NGEMUVA KOKUSUSWA KUKA SKHOSANA
Iqembu likaMengameli Jacob Zuma, iMKP, lithathe isinqumo sokumsusa uDavid Skhosana ongumkhwenyana ka-Adv Busisiwe Mkhwebane njengelungu elimele leli qembu kwi Ad hoc Committee.

 Leli komidi lisanda kuxina ngemibuzo uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi  noKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uFannie Masemola mayelana nenkohlakalo eyenzeka emaphoyiseni.

Lokhu kuqinisekiswe uColleen  uMakhubela ongu Sotswebhu waleli qembu ephalamende. UMakhubela uyena ozongena kusukela ngoMsombuluko.

USkhosana usolwa ngokuvele alale, ukuhluleka ukubuza ngendlela imibuzo asuke ephathiswe yona, nokuthi untekenteke noma ubuthaka kakhulu ukuthi abeyingxenye yaleli komiti.
Uke wathi ezoqala nje ukubuza imibuzo kuMkhwanazi, wathi, "washo uMengameli weMKP ukuthi kukhona abayokhala." Kwavele kwanezinto uMkhwanazi azichazayo ezithinta naye uMengameli uZuma.
Kukhona abathi iMKP ayivele ihlasele ngoPapa Penny.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose