News Avenue
News / Izindaba

ULULEKE NGOKUBALULEKA KWEMFUNDO UMCULI

ULULEKE NGOKUBALULEKA KWEMFUNDO UMCULI
Lindokuhle Ngcobo 

UMCULI kaMaskandi uFeza Langa wodumo lwengoma ethi "uMaqondana", unxusa abafundi abaphumelele umatric ukuthi bagxile kwezemfundo.

Lo mculi ubenandisa eMfolozi TVET College,  eNkandla izolo, emcimbini wokuklomelisa abafundi abangu 191, abaphase ibanga leshumi nambili. Laba bafunda abasuka ezikoleni ezahlukene bebengaphansi kohlelo iSTEAM, olushayelwa iNkungumathe NPO.

UFeza udalule ukuthi usandukuphothule izifundo zakhe zobuthishela eNyuvesi yaseFree State.

"Bekungekho lula,  ikakhulukazi lena yokushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa, ngeke ngiyigqugqumezele. Ngiyazi baningi abaneziphiwo lana, isiphiwo sokucula, esokudlala ibhola nokunye. Okubalulekile engathi singaqala ngokugijimisa imfundo bafowethu, ikhono sizolibona emva kwemfundo," kubeka uFeza.

Eqhuba uthe ubengumculi ngenxa yokufunda kongqondonkulu,  okuyilapho afunde khona okuningi mayelana nomculo. 

"Okunye kokugcina, mina ngake ngangaphumelela ku matric. Ngathatha isinqumo sokuyoqala phansi, ebangeni lesi 11," kusho uFeza.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose