News Avenue
News / Izindaba

ULINDA SIBIYA NO FELIX HLOPHE EKUSENI KWI GAGASI FM

ULINDA SIBIYA NO FELIX HLOPHE EKUSENI KWI GAGASI FM

INews Avenue ngomthombo wayo ongashayi eceleni, ingakuqinisekisa ukuthi uFelix Hlophe akayi ndawo kanti uLinda Sibiya ulijoyina ngempela iGagasi FM.

ULinda Sibiya kuvela ukuthi uzongena ekuseni ngo-4  kuya ku-6. Kulolu hlelo uSibiya kulindeleke ukuthi agqugquzele kakhulu abalaleli beGagasi FM kwazise kuzokube kuqala usuku. Lomsakazi uke wazakhela udumo kuKhozi FM ngazo izinkulumo ezakhaya. 

"Empeleni bekungeke kube lula ukuthi ufake uLinda kunoma iluphi uhlelo, kwazise lomsakazo ukhuluma kakhulu nabantu abasha kodwa lolu lokubuyisa ithemba lizomfanela kakhulu," kubeka umthombo ocele ukungadalulwa.

Ngakolunye uhlangothi kuvela ukuthi akulula ukuthi lomsakazo udedele uFelix. Kuthiwa abalaleli bamthanda ngalendlela eyisimanga kanti wenza kahle nasekungeniseleni umsakazo inzuzo. Kuthiwa zingakhona izinkulumo ezimmatanisa neminye imisakazo kodwa uFelix oweGagasi FM.

Kunezindaba ezithi, uNokwanda Tema obesezakhele olukhulu udumo ngendlela abika ngayo ngokwenzeka emgwaqeni uyashiya kulomsakazo.

 Kuthintwa isikhulu seGagasi FM, uKhulekani Shandu okhulumela lomsakazo uphendule wathi, "Angeke ngiphawule ngezinguquko zasemoyeni okwamanje ngoba izingxoxo zisaqhubeka. Sizoba nesithangami sabezindaba maduze lapho sizomemezela khona ngokusemthethweni izinhlelo zalonyaka,"kubeka uShandu.

Khonamanjalo iNews Avenue ithole ukuthi iMetro FM elandelwa yizinkumbi zabantu ngeke iyishintshe iLine up yayo ya 6 to 6 nsukuzonke. Ekuseni kungena uDJ Sabby olandelwa uKhutsoledi, yena odedela uLerato Kganyago okhishwa uTbo Touch ngo-6. Umthombo ongaphakathi osondeleni ne News Avenue uthe lezi zinhlelo zenza kahle kakhulu ngabalaleli kanjalo nasekungeniseni inzuzo. Uphinde wadalula ukuthi no 6 to 6 wangeSonto uzobuya njengoba unjalo.

Siphinde savakashela eKE Masinga, kuKhozi FM sathola ukuthi uNongcebo McKenzie uyabuyela kulo msakazo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose