News Avenue
News / Izindaba

ULAXAZE ISIKHUNDLA OBEBHEKENE NOKUQONDISWA UBUGWEGWE

ULAXAZE ISIKHUNDLA OBEBHEKENE NOKUQONDISWA UBUGWEGWE
UDr John Hlophe oke waba uJudge President wase Western Cape, isikhathi eside ngaphambi kokuthi ajoyine iMKP, usevele wasilaxaza isikhundla sakhe sokuba iPhini likaMengameli waleli qembu.

Kwenzeka lokhu nje uMagasela Mzobe ophethe ihhovisi likaMengameli weMKP, uJacob Zuma usanda kuthi uHlophe uzobuya ngonyaka ozayo kepha okwamanje usazobhekana nekomiti laleli qembu eliqondisa ubugwegwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uHlophe ubesolwa ngokususa uCollen Makhubela wafaka uDes Van Rooyen kwesikaSotshwebhu ePhalamende, okuyinto eyabuye yashintshwa yiqembu nokuyiyona eyaholela ekutheni, amiswe uHlophe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose