News Avenue
News / Izindaba

ULAXAZE ISICELO SEBHEYILI KWELOKUBULALA ABANGU-6 EMLAZA

ULAXAZE ISICELO SEBHEYILI KWELOKUBULALA ABANGU-6 EMLAZA

LINDOKUHLE NGCOBO 

INDIDA enqaba ukufaka isicelo sebheyili umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala waseSwaziland obhekene necala lokubulala abesilisa abangu-6 kwa-V eMlaza. 

UMelusi Dlamini, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo, ngemuva kokuboshwa ngoLwesihlanu eKrugersdorp, eGauteng. 

Lesi sigameko senzeka ngomhlaka 17 August 2024 , lapho abesilisa abangu-6 babehlezi nabasifazane abangu-3 becisha ukoma. Kuvela ukuthi kwabe sekuqhamuka abelisa ababili bathi bafuna ugwayi, babayalela(abagilwa) ukuba bahambe ngoba akekho odayisa ugwayi. Nangempela abasolwa bahamba, baphinde babuya emva kwesikhashana, bayalela abesifazane ukuba balale phansi, badubula  abelisa abangu-6 abahlonzwa njengabashonile endaweni yesigameko. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uConstable Zanele Mthembu udalule ukuthi  uphenyo lamaphoyisa luveza ukuthi isigameko sihlangene nokuziphindiselela. 

"Kusolakala ukuthi ingxabano isuke ngokubangwa kolimi phakathi kwabahlali, lapho bekhuluma IsiXhosa abanye bekhuluma isiSwati," echaza. 

Kulindeleke ukuthi leli cala libuyele eNkantolo mhlaka 14 August 2025. Amaphoyisa athungatha umsolwa wesibili okukholakala ukuthi naye ungowokudabuka eSwaziland.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose