News Avenue
News / Izindaba

UKHUZA IBUYA UMCIMBI WOKUBUNGAZA ABESIFAZANE BASE KZN

UKHUZA IBUYA UMCIMBI WOKUBUNGAZA ABESIFAZANE BASE KZN
LINDOKUHLE NGCOBO 

UMSAKAZO ongenisa inzuzo, iGagasi FM usumemezele ngokusemthethweni izinhlelo zomcimbi wezindondo,  iGagasi FM Shero Awards 2025, ozoba ngoMgqibelo mhlaka 23 August 2025.

 Lo mcimbi uzobe ugubha iminyaka engu-9 wasungulwa, uzobungaza abantu besifazane baKwaZulu-Natal(KZN) abenza kahle emikhakheni abasebenza kuyo.

Njengamanje abalaleli balo msakazo banethuba lokuqoka abesifazane abafanele, ngaphansi kwezigaba ezingu-12. Ukwenza lokho abalaleli bangavakashela iwebsite yeGagasi FM, lolu hlelo lokuqoka kulindeleke ukuthi luvalwe mhlaka 15 August 2025. 

UMphathi weGagasi FM uMinenhle  Dlamini udalule ukuthi, kulo mcimbi kuzohlonishwa inkakha yomlingisi uDeli Malinga, oke wadlala kwiGenerations, uMkhokha the Curse,  Shaka iLembe nakwi-Adulting ngaphansi kwesigaba iLife Achievement Award. Wathi umcimbi iShero Awards awukho mayelana nodumo noma ukubonakala.  

"Umayelana nokukhulisa izwi, indaba nomsebenzi wabesifazane abajwayelekile abenza okungajwayelekile. Le nkundla imayelana nokuhlonipha amaqhawe ansuku zonke azobe evela okokuqala. Sizobe sithi siyababona, siyababungaza bangamaqhawe.  Siyabagqugquzela ukuthi baqhubeke nokwenza kahle  esifundazweni(KZN)," kubeka uDlamini.

Sezizonke izigaba zeGagasi FM Shero  Awards  2025 zimi kanje

1. Creative Arts
2. Entertainment and Music
3. Sports
4. Science and Technology
5. Big Business Professional
6. Enterprise
7. Social Entrepreneurship
8. Education
9. Public Service
10. KZN Ambassador
11. Community Leader
12. Shero Honouree
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose