News Avenue
News / Izindaba

UKHUMALO UDALULA UKUTHI KUDALA BEMUBOPHA UKT MOLEFE

UKHUMALO UDALULA UKUTHI KUDALA BEMUBOPHA UKT MOLEFE
KUSHUBE isimo kwiKhomishana kaJaji Madlanga ngesikhathi iNhloko yoPhiko  lwezobunhloli, uLieutenant General Dumsani Khumalo eveza ubufakazi obuqukethwe ividiyo namuhla. 

Kule vidiyo kubonakala uNkosi oyiphoyisa, esemzini  kasomabhizinisi uKatiso "KT" Molefe eSandhurst, eGauteng. UMolefe usolwa ngokuba ungqondongqondo ecaleni lokubulawa kuka-Oupa "Dj Sumbody" Sefoka nalokubulawa kukanjiniyela waseVereeniging u-Armand Swart. 

UNkosi ubonakala ehamba ngemoto yohlobo lakaBMW emhlophe, okuvela ukuthi eyamaphoyisa ngaphansi kwehhovisi lePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLieutenant General Shadrack Sibiya. 
 

Echaza ngale vidiyo eyaqoshwa mhlaka 27 November 2024 uKhumalo uthi, uNkosi akaze ehlale isikhathi eside kwaMolefe , njengoba wafika ngehora lesi-16h31 waphuma ngelesi-16h40. 

"Ngesikhathi uNkosi engena ubengaphethe lutho. Uyabona ngoba esephuma kukhona akuphethe esandleni. Asazi ukuthi yini kodwa ngoba ubona ephethe ngesandla sakhe sokudla, kuyabonakala ukuthi into elula kodwa ebalulekile," kuchaza uKhumalo. 

Eqhuba uKhumalo uthe bengamaphoyisa sekukaningi bebopha uMolefe ongaphandle ngebheyili kaR400 000. Waphetha ngelithi namanje kunophenyo oluqhubekayo kungenzeka uMolefe aphinde aboshwe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose