News Avenue
News / Izindaba

UKHALELWE NGAMASONGO KASIGONYELA OBULALE INTOMBI

UKHALELWE NGAMASONGO KASIGONYELA OBULALE INTOMBI
UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa oneminyaka engu-48 ubudala. 

Lo mlisa oboshwe ngamaphoyisa aseVryheid namuhla, usolwa ngoxhaxha lwamacalwa. Kuwo okubalwa  elokushisa abulale intombi yakhe eneminyaka engu 41 ubudala, ukugeca alimaze indodakazi(28) yentombi yakhe(umsolwa) nokudlwengula intombazanyana (13) yentombi yakhe(umsolwa) eShanelweni endaweni yaseNgome namuhla ntathakusa. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uColonel Robert Netshiunda uthi intombazanyana  ibilele nodadewabo omdala ngesikhathi bevuswa umsindo  ezintatha.

"Wabe(untombazanyana) esebona isoka likamama wakhe likhwela lidilika kudadewabo ngembazo. Intombazanyana yama isibindi yazama ukulamulela udadewabo okuholela ekutheni umsolwa ayihudule ngaphandle kwendlu," kuchaza uNetshiunda. 

Uqhube wathi umsolwa uhudule intombazanyana, waze wafika nayo emfuleni nokuyilapho kusolakala ukuthi uyidlwengule khona.

Kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo yeMantshi eLouwsburg kusasa mhlaka 7 November 2025
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose