News Avenue
News / Izindaba

UKHALE NGOKUNGABI KHONA KONGQONGQOSHE UNTULI

UKHALE NGOKUNGABI KHONA KONGQONGQOSHE UNTULI
BASASALELE emuva ohulumeni basekhaya ekuthuthukiseni umphakathi ngengqalasizinda. 

Lokhu kuhlale obala namuhla ngesikhathi kunomhlangano, iPremier's Coordinating Forum(PCF), e-Archie Gumede Conference Centre,  eMayville.

Lo mhlangano wokuthuthukiswa kwesifundazwe, ubuholwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, ubuhanjelwe ngoNgqongqoshe  baseKZN, iPhini likaNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuzwelonke uMnuz Sihle zikalala, uNgqongqoshe weSayensi uBuchwepheshe noKusha kuzwelonke uDkt Blade Nzimande, iPhini likaNgqongqoshe wezaseKhaya kuzwelonke uMnuz Njabulo Nzuza, iPhini likaNgqongqoshe waMahlathi ukuDoba neMvelo kuzwelonke uMnuz Narend Singh, uKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi nezimeya zoMasipala baseKZN.

Ekhuluma uNtuli ukhale ngokungaphumeleli kulo mhlangano kwabanye oNgqongqoshe bakuzwelonke ngenxa yengqungquthela iG20 ebanjelwe eGoli. 

"Ngonyaka ozayo sinethemba lokuthi lo mhlangano uzobuya sizobuka ndawonye IKwaZulu-Natal ngokubambisana.  Sizobuka ukuthi senzanjani ukulekelela oMasipala, ikakhulukazi ukuthi ukusebenza koMasipala kubengcono. Omasipala abaningi banezinselelo, ezinye ezithinta izimali nokuletha ingqalasizinda," kuchaza uNtuli.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose